Look, Listen & Live 8
Esquema: The Young Church and Paul. 24 sections. It has a picture book to go along with the recording.
Número de guión: 425
Idioma: Zulu
Tema: Sin and Satan (Spiritual Warfare, Deliverance); Christ (Ascension); Eternal life (Salvation); Character of God (Holy Spirit, Word of God (the Bible), Power of God / Jesus); Living as a Christian (Worship, Church, Christianity, No other gods, idols, Repentance, Faith, trust, believe in Jesus, Children of God, Spiritual Life, Christian values); Bible timeline (Gospel, Good News); Problems (Problems, troubles, worries)
Audiencia: General
Estilo: Monolog
Tipo: Bible Stories & Teac
Propósito: Teaching
Citación Biblica: Extensive
Estado: Publishable
Guión de texto
Isingeniso
SANIBONANI BANGANI.
Ngithanda ukunitshela ngomoya oyingcwele kaNkulunkulu ophilayo. Bhekani izithombe encwadine ephephuli ngesikhathi nilalele ikhasethi. Dlulela esithombeni esilandelayo uma uzwa lomsindo.
Isithombe 1: Ujesu Ubuyela Ezulwini
Izenzo 1:1-11
Bheka esithombeni. Ujesu uhamba ngefu. Abalandeli bakhe baya bukisisa. UJesu uyiNkosi ngempela; wafika lapha emhlabeni evela eZulwini eminyakeni eyizinkulungwane ezimbili
(2 000) eyedlule. Wazalwa yintombi uMariya, endaweni ebizwa ngokuthi iBethlehem. UJesu waba umuntu ebantwini, ukukhombisa ubunjalo bukaNkulunkulu. Izindlela ezimbi zabantu zamthukuthelisa uNkulunkulu. Abantu babenzono. Isijeziso sesono ukufa kanye noqhekeko phakathi komuntu noNkulunkulu. Kodwa uNkulunkulu ubathanda bonke abantu. Abathandi ukuba baye esihogweni. Ngakho ke uJesu wehla ukuzomela izijeziso zethu. Lesosijeziso kwakungukufa. Abantu ababi benza ukuba uJesu abulawe, ngokubethelwa esiphambanweni. Abantu abaningi bambona efa esiphambanweni. Kodwa abaningi kubalandeli bakhe bambona lapho esevukile kwabafileyo, wase ethi kubo: Nizo kwamukeliswa amandla lapho ngehlisa uMoya Oyingcwele ukuze nihambe nishumayela izwi lami. Lokhu kusho ukuthi abalandeli bakhe, uJesu bazotshela umhlaba wonke ngaye. Emva kokuba esebatshelile lokhu wakhuphukela ezulwini ngefu, njengoba ubona esithombeni. Ngelinye ilanga uJesu uyobuya emhlabeni ngalendlela ahambe ngayo, eya eZulwini. Bonke abantu abakholwa nguye nabamlalelayo bayophiwa ukuphila okungunaphakade.
Isithombe 2: Umoya Oyingcwele Wehla Ngomlilo
Izenzo 2:1-12
Uyakhumbula ukuthi uJesu wayebathembisile ukuthi uzokwehlisa uMoya Oyincwele. Emva kwesikhashana uJesu eye ezulwini, abafundi bakhe bavumelana ukuhlangana endlini bathandaze. Laphoke uMoya oyingcwele wehlela kubona. Ngokushesha kwaba nomsindo esibhakabhakeni, njengomoya omkhulu. Abantu babona izinto ezifana nezilimi zomlilo. Zahlakazeka zahlala emakhanda alelo nalelokholwa. Bagcwaliswa ngoMoya Oyingcwele kaNkulunkulu baqala ukukhuluma ngezinye izilimi ngemisebenzi kaNkulunkulu emangalisayo. Ngasosonke isikathi uJesu wenza njengoba ethembisile, wawehlisa uMoya Oyingcwele wakhe kukobonke abalalelayo nabakholwayo kuye.
Isithombe 3: Upetru Ushumayela Ebantwini
Izenzo 2:14-41
UMoya Oyingcwele wafika kubafundi baJesu bese Jerusalema ezweni lamaJuda. Ngalesosikhathi ayemaningi amaJuda eJerusalema, evela emazweni amaningi, njengoba ubona kulesisithombe. Babekhuluma izilima ezinigi ezahlukene. UMoya Oyingcwele wabasiza abafundi bakaJesu ekukhulumeni lezilimi ukuzu abantu bezwe baqonde umyalezo ngeNkosi uJesu. Kodwa abanye abantu bacabanga ukuthi abafundi bakaJesu badakwe iwayini, omunye wabaphostoli wabiza uPetru, wamumisa nabanye abaphostoli abayishumi nanye. Wathi ebantwini "Lamdoda awadakiwe." Abantu abaningi bakholwa yilokho okushiwo uPetru. Babhabhadiswa njengophawu lokuhlanzwa ezonweni. Nabo bamukeliswa uMoya Oyingcwele balandela ezinyathelweni zikaJesu.
Isithombe 4: Ibandla Lokuqala Lamakrestu
Izenzo 2:42 47; 1 Kwabasekhorinte 11
Abantu abaningi eJerusalema babangabalandeli bakaJesu. Abantu abamukeliswa uMoya Oyingcwele babehlangana njalo njengomndeni omkhulu. Babizwa ngamaKrestu ngokuhamba kwesikhathi. Bamukelisana ngalokho ababenakho futhi banakekelana. Ngazozonke izinsuku babeya ethempelini elikhulu, indlu yesonto, eJerusalema. Lapho babethandaza, bedumisa uNkulunkulu ndawonye. Abafundi babafundisa izwi likaNkulunkulu. AmaKrestu futhi ayehlangana emizini yawo, babelane ukudla. Ngezinye izikathi babehlephula badle isinkwa baphuze iwayini ngesikathi sokudla esikhethekileyo, esibizwa ngokuthi isidlo seNkosi. UJesu wayaleza abafundi ukuba bakwenze lokhu. Ngobunye ubusuku ngaphambi kokuba uJesu anqanyulezwe, wabanesidlo nabafundi bakhe lapho esebongile wathatha isinkwa, wasihlephula wanikeza abafundi bakhe. Isinkwa kwakuyisikhumbuzo sokuthi umzimba kaJesu wanqanyulezelwa bona esiphambanweni. Waphinda wathatha inkomishi yewayini wanikeza abafundi baphuze kuyo. Lokhu kwawukubakhumbuza ngegazi lakhe elalizophalala ngenxa yabo esiphambanweni. UJesu wabayala ukuba benze lokhu ukumkhumbula. Ngakhoke wonke umuntu oyilalelayo noyethembayo iNkosi uJesu Krestu uyakukwenza lokhu ngokuba izwi likaNkulunkulu lithi: "Ngokuba njalo uma nidla lesisinkwa niphuza lesisitsha, nimemezela ukufa kweNkosi ize ifike." (1 Kwabasekhorinte 11:26)
Isithombe 5: Isishosha Siyaphiliswa
Izenzo 3:1 - 4:4
Ngelinye ilanga uPetru noJohane baya endlini kaNkulunkulu, esontweni ukuyothandaza. Isishosha esihleli emnyango sasizalwe sikhubazekile, singakwazi ukuhamba sacela imali kuPetro no Johane kodwa uPetro wathi kuso: "Anginalo isiliva negolide kodwa ngizokunika loku enginako. Egameni lika Jesu wase Nazaretha hamba! UPetru wayeseyibamba lendoda ngesandla sayo sokudla eyisiza ukuba isukume. Ngokushesha izinyawo namaqakala ayo aqina. Wahamba waya endlini ka Nkulunkulu kwakunguyena uPretro osindise lendoda. AMandla kaMoya oyingcwele kaNkulunkulu nokukholwa kuka Jesu ikhona okusindisa lendoda.
Yathola isipho esingaphezu kwemali.
Isithombe 6: Indoda Nomfazi Abaqamba Amanga
Izenzo 4:32-36, 5:1-11
Indoda igama layo kwangu Banabhasi yadayisa indawo yayo imali yayinikela ebandleni ukuusiza abampofu. Indoda nomfazi ababizwa ngo Ananiya no Safira benza njengo Bhanabhasi. Kodwa uAnaniya wazigodlela enye imali nomkakhe. Wahambisa ingxenye nje kuphela yemali kuPretru. Waaqamba amanga kuPetro, wathi iphelile imali. UPetro wayazi ukuthi uqamba, amanga wayesethi kuye: "Kungani ukuba uvumele usathane angene enhliziyweni yakho, ukuze uqambe amanga kuMoya Oyingcwele? Awuqambanga amanga emntwini, kodwa kuNkulunkulu. UAnaniya wawa phansi wafa. Izinsizwa zamkhiphela ngaphandle zamngcwaba ngokushesha kwanenya uSafira (siyamboona esithombeni). Wayengazi ukuthi kwenzekani kuAnaniya. Naye uSafira waqamba amanga kuPetro ngemali. Wayesthi uPetro kuye: "Ungakuvumela kanjani ukuvivinya uMoya Oyingcwele? Bheka! Izinyawo zamadoda angcwabe indoda yakho zisemnyango nawe bazokwenza njalo." Ngokushesha wawa ezinyaweni zika Petro wafa. Kumele sibaphe abantulayo kodwa singaqambi amanga kuNkulunkulu noma kubani. Futhi khumbula wazi ukuthi imicabango emihle nemibi.
Isithombe 7: Usitifane Uyabulawa
Izenzo 6:1 - 8:3
Bheka amadoda amabi akhanda (abulala) uStifani ngamasthe. Wayengumholi ebandleni, esiza abampofu eJerusalem. Wayefindisa izwi likaNkulunkulu ngokwezethemba wenza izimangaliso ngamandla kaMoya Oyingcwele. Manye amaJuda ayemphikisa bamthatha bamangalela beqamba amanga bethi bamzwile ethuka uNkulunkulu futhi ekhuluma kabi ngezwi lakhe. Kodwa wayengasabi, ngoba uNkulnkulu wayemnikeza amandla ngomoya ongcwele, watshela amaJuda ukuthi abulala uJesu owayefike ezowapha ukuphila okuphakade. Ngesikhathi bemkhanda ngamatshe wathandaza: "Nkosi Jesu yamukela umoya wami." Ngeiskhathi efa wakhala wathi! Nkosi bathethelele. Amadoda ayeshaya uStifani ngamatshe abeka izingubo zawo ezinyaweni zomholi omncane wamaJuda USawuli. Uyena owanikeza igunya lokubulawa kuka Stifani. Namhlanje labo abafuna ukumkhonza UNkulunkulu bayakhulushwa abantu ababi, kodwa uNkulunkulu noMoya Ongcwele angeke ubashiye, mona ngabe abantu bangamabulala.
Isithombe 8: Umhambi Wase Topiya
Izenzo 8:4-8, 26-40
USawuli kanye nezitha zebandla lamaKrestu abaqala ukuhlupha abazalwane eJerusalem. Abaningi bableka edolobheni. Indoda okwakuthiwa uFiliphi
yabalekela eSamariya. Lapho wafika washumayela ngo Jesu, abantu bakholwa uNkulunkulu wakhuluma naye ngengelosi wathi:
"Hamba uye emgwaqeni oyihlane ovela eJerusalem oya eGaza. UFiliphi walelela uNkulunkulu. Esithombeni sibona indoda ebalulekile evela ezweni lase Topiya. Yayihamba nqenqola yayo. Yayifunda izwi lika Nkulunkulu ngomunye owayezohlukunyezwa ngokungemthetho koodwa lendoda yayingakuqondi loku. UMoya kaNkulunkulu watshela uFiliphi ukuba aye kuleqola wachazela lendoda ngeNkosi uJesu owayethunywe uNkulunkulu. Nalendoda yafua ukumlandela uJesu. Njengoba behamba ndawonye lendoda yathi kuFiliphi "Bheka nanka amanziyingani ngingabhabhadiswa?" UFiliphi wayibhabhadisa yabuyela emuva. ITopiya inokujabula okukhula, Kodwa uFiliphi waqhubeka nokushumayela izwi likaNkulunkulu emadolobheni amaningi. NjengoFiliphi kumele silalele, sithele abantu ngoJesu, ukuze babeke ithemba lobo kubo babe nokuphila okuphakade.
Isithombe 9: Umbono Kapetro Wezilwane
Izenzo 10:9-18
Ngelinye ilanga uPeetro wenyukela phezu kwendlu ukuyothandaza. (uyabona uPetro ethandaza) walamba wafuna ukudla. Ngalesisikhathi wabona umbono oxakile uthunyelwe uNkulunkulu. Wabona indwangu enkulu ivela ezulwini, inazozonke izinhlobo zezilwane izwi lathi kuPetro: "Sukuma Petro bulala udle." UPetro njengomJuda wathi lezizilwane zincolile futhi akumele zidliwe. Ngakhoke uPetro wathi: "Nkosi ngeke ngempela! angikaze ngidle noma yini eyichilo noma engcolile." Nesikhathi esamangele ukuthi umbono usho ukuthini amadoda afika endlini efuna yena. Bheka esithombeni uzobona ukuthi kungani ayezomfuna.
Isithombe 10: Izindaba Ezimnandi Zawowonke Amazwe
Izenzo 10:1-48
Ngesikhathi uPetro eqeda nje ukukhuleka amadoda afika ezomfuna. Ayevela kwelinye izwe ethunywe indoda eyayibizwango Khoneliyasi. UKhoneliyasi wayengumholi wempi yamaRoma. Wayethanda ukumesaba uNkulunkulu. Ingelosi kaNkulunkulu yamtshela ukuba athole uPetro. AmaJuda ayekholwa ukuthi amaRoma agcolile. Kodwa uNkulunkulu wamkhombisa uPetro embonweni asikho iszwe esingahlanzekile. UPetro wahamba nalamadoda baya emzini wesosha lamaRoma. UKhoneliyasi wawa ezinyaweni zikaPetro wakhuleka, kodwa uPetro wathi: "Sukuma nami ngingumuntu njengawe, ungibizelani?" UKhoneliyasi wamtshela ngengelosi. UKhoneliyasi wayemtshela ngoJesu, owembula uNkulunkulu abantwini (ekhombisa ubunjalo buka Nkulunkulu) uKhoneliyasi nomndeni wakhe babekholwa kuJesu bawamukela umoya kaNkulunkulu baba yizisebenzi zika Nkulunkulu. UNkulunkulu uthanda bonke abantu noma ngabe bakhuluma luphi ulimi, isizwe noma ibala lesikhumba. UJesu akafikelanga amaJuda kuphela ukunikeza wonke umuntu ukuphila okuphakade. Uthanda zonke izizwe ukuba zimthembe futhi zimkhonze.
Isithombe 11: Upetro Ejele
Izenzo 12:1-11
Inkosi uHerodi yaqala ukuhlukumeza abalandeli baka Jesu (ibandla lika Krestu). Wabulala umphostoli uJakobe, uPetro wamvalela etilongweni. Ngobunye (ubusuku) uPetro walala phakathi kwamabutho amabili, eboshwe ngamaketanga. Ngokushesha kwavela ingelosi kaNkulunkulu yamvusa yathi: "Shesha vuka!" Amaketanga awa ezandleni zakhe. Walandela ingelosi baphuma etilongweni. Isungo lensimbi lazivulekela futhi akekho owabamisa. UPetro wacabanga ukuthi iphupho, waze wabona lapho sebefika emgwaqeni, ingelosi yase inyamalala.
Isithombe 12: Upetro Nabagani Banke Abathandazayo
Izenzo 12:12-19
Upetro wathi ephuma etilongweni waya emmzini ka Mariya, unina womunye wabafundi. Amakholwa amaningi ayelapho. Ngalobobusuka babekhuleka. UPetro wangqongqoza emnyango isisebenzi sentombzane uRhoda savula emnyango, lapho ezwa izwi lika Petro akazange awavule umnyango wahamba wayotshela abanye "uPetro usemnyango." ABakholwanga bathi kuye: "Uyahlanya" Kodwa uPetro waphikelela wangqongqoza. Bavula babona ukuthi uyena. Bamangala. Wabatshela ukuthi uNkulnkulu uyiphendule kanjani imikhuleko yabo, kumele bahlangane njalo bakhuleke, uNkulunkulu uyezwa futhi aphendule imikhuleko ybakholwa kuJesu. UJesu wathi: "Ngithi kini uma ababili kini emhlabeni bevumelana noma ngaluphi udaba abalucelayo, bayakulenzelwa ubaba osezulwini. Ngokuba lapho kubuthene ababili noma abathathu egameni lami, ngikhona lapho phakathi kwabo."
Isingeniso
Kulesisithombe sitshelwa kabanzi ngedoda igama layo uSawuli. Yayikhona ekufeni kuka Stifani. USawuli wakhetha ukuye edolobheni lase Damaseku. Wayefuna ukuyobopha amakholwa. Ohambeni lwakhe wahlanga nonyazi. Buka isithombe.
Isithombe 13: Ukukhanya Nezwi Elivela Ezulwini
Izenzo 9:1-19
Kwaqhamuka ukukhanya okukhulu kuvela ezulwini. USawuli wawa phansi. Izwi lakhuluma kuye lathi: "Sawuli! Sawuli! ungzingelelani na?" USawuli wabuza wathi ungubani wena nkosi? Izwi lathi: "NginguJesu omzingelayo. Amadoda ayenoSawuli nawo alizwa izwi kodwa awabonanga muntu. Usawuli wasukuma kodwa wayengasaboni. Amadoda ayesmhola ngesandla eya naye edolobheni lase Damaesku. Waba impunputhe izinsuku ezintathu. Wayengadli engaphuzi, wayenonya olukhulu kubalandeli bakhe. UJesu uNkulunkulu uyakwazi ukushintsha noma ubani. Lalela ukuthi kwenzikani ngokuqhubeka.
Isithombe 14: Usawuli Oyimpumputhe No Ananiya
Izenzo 9:10-20
Lapha sibona uSawuli eyimputhe endlini eDamaseku. UNkulunkulu uthumela indoda igama layo lingu Ananiya. UAnaiya wayeyikholwa futhi engumalandeli kaJesu. Wayazi ukuthi uSawuli weze izinto ezimbi kumakholwa eJerusalemi. Nakuba kunjalo uAnaniya wamlalela uNkulunkulu waya ku Sawuli. UAnaniya wathi kuSawuli: "Mfowethu Sawuli inkosi uJesu ozibonakalisile kuwena emgwaqeni ngesikhathi uza lapha ungithumile ukuze ukwazi uphinde ubone ugcwale uMoya Ongcwele. Wabeka iziandla zakhe kuSawule Usawulu waboona ngokushesha. Wamukela uMoya Oyingcwele kaNkulunkulu wabhabhadiswa ukukhombisa ukuthi usengumlandeli kaJesu wahamba wayotshela namajuda ngoJesu. Njengo ANanaya kumele simlalele uNkulunkulu singasabi abantu. Ngaloko uNkulunkulu uyakusebenzisa ukutshela abantu ngokusindiswa.
Isithombe 15: Ibandla Lokukhuleka Lithumela Amamishinari
Izenzo 11:25-26, 13:1-3
Edolobheni iAntyika iqembu lamakholwa lahlangana ndawonye ukukhonza uNkulnkulu. Leliqembu labantu laliyibandla eAntoyika. Babebizwa ngamaKrestu. Usawuli wahamba noBhanabhasi ukuyofundisa abantu lapho.
Ngelinye ilanga abaholi bebandla bazila ukudla bethandaza ndawonye uMoya Ogcwele wase ukhuluma kubo uthi: "Ngahlukaniseleni oBhanabhasi noSawuli baye emsebenzini engibabizele wona. UNkulunkulu wayefuna uSawuli no Bhanabhasi baye kubantu abangkaze bezwe ngoJesu. Niyababona oSawuli noBhanabhasi beguqile. Abaholi bebandla bababeka izandla babakhulekela. Base bebathumela ukuba bayofundisa abantu ngevangeli likaJesu eezindaweni ezikude kakhulu nase Antiyokha. UJesu wathi: "Hambani niye emhlabeni wonke nishumayele ivangeli kuzozonke izizwe." UNkulunkulu usababiza nanamhlanje abantu ebandleni ukuba baphume bashumayele ivangeli kubo bonke abantu. Ibandla nabazalwane kumele babakhulekele, babqinise bese bebathumela.
Isithombe 16: Upawuli Ushumayela Ngojesu
Izenzo 13:4-52
USawuli noBhanabhasi baya emadolobheni nase madolobhaneni amaningi ezindaweni ezikude. Kungalesisikhathi lapho uSawuli wabizwa ngegama elisha, uPawuli. Bahlangana nabantu ezindaweni zokukhuleka zamaJuda, njengoba ubona kulesisithombe, futhi babafundisa: UNkulunkulu wamaJuda wakhetha obaba bethu wabenza baba isizwe esikhulu. Wabanika abaprofethi, abaholi nabafundisa abakhulu. Wabatshela ngaloyo owayezofika ezobakhulula ezonweni zabo. Loyo iNkosi uJesu Krestu. Lapho uJesu efika amaJuda amaningi awakholwanga kuye. Abaqondanga ukuthiungubani ngakhoke abamkhonzanga loyo othunyelwa uNkulunkulu. Baphinda babfundisa abantu ukuthi: Nakuba Ujesu engenzanga bubi kodwa bambulala. UNkulunkulu wamvusa kwabafileyo. Angeke apphinde afe futhi. Loyo obeka ithemba lakhe kuJesu uyakumukelwa nguNkulunkulu futhi uyakubuysana naye. Kodwa labo abangabazayo belihleka iqiniso likaNkulunkulu bayakujeziswa nguNkulunkulu. AmaJuda amaningi nabantu bezizwe eziningi bakholwa ilomyalezo futhi amabandla amaningi aphenjwa, kodwa abanye abakholwanga. Abantu abakholwa ngasosonke isikathi uma sibatshela ngo Jesu. Kodwa uNkulunkulu ufuna sonke sizwe sikholwe izindaba ezimnandi ngoJesu ukuze abantu basindiswe.
Isithombe 17: Unkulunkulu Uphinda Uhlenga Upawuli
Izenzo 16:6-10
Emva kweminyaka embalwa uPawuli waphinda wavakashela amabandla. Wathatha amadoda ambalwa, kanye nendoda okuthiwa uSilas. Babefuna ukuya ezweni lase Bhethaniya, kodwa uMya kaJesu awubavumelanga. Ngalobo busuku uPawuli wabonambono. Kulowo mbono wabono indoda yasezweni lase Makhedoniya eyathi kuye: ""Woza uzosisiza eMakhedoniya." GNokushesha uPawuli wabona ukuthi uNkulunkulu umbizele ukuya eMakhedoniya. UNkulunkulu uyakubahlenga labo abamlandelayo uJesu. Kwesinye isikhathi uNkulunkulu ubahola ngamaphupho noma ngemibono, kodwa kwesinye isekathi usihola ngezwi lakhe, iBayibheli. Abakholwa kuye kumele bacale uNkulunkulu abahole kuko nkonke abakwenzayo. Kufanele bamethembe bamthobele ngoba ubahola ngoMoya wakhe Oyingcwele.
Isithombe 18: Upawuli Nosilas Ekuzamazameni Komhlaba
Izenzo 16:16-35
UPawuli noSilas babemhlonipha uNkulunkulu bahamba baya eFiliphe, eMakhedoniya. Lapho bafundis angoJesu. Egameni lika Jesu Krestu bakhipha imimoya emibi entombazaneni. Lesisenzo senza abanye abantu ukuba bathukuthele babashaya oPawuli no Silas babafaka etilongweni. Ebusuku bethandaza becula bedumis uNKulunkulu. Ngokushesha okukhulu kkwaba nesishingingishane esikhulu somoya nokuzamazama komhlaba. Iminyango yetilongo yavuleka kwagqashuka amaketanga kuzozonke izibboshwa. Umgciniziboshwa wacabanga ukuthi iziboshwa zeqile ngokwesaba wacabanga ukuzibulala uPawuli wamemeza: "Ungazibulali, silapha sonke." Wabaakhipha wabuza wathi: "Kumele ngenzeni ukuze nginsindiswe." Bamphendula: "Kholwa enkosini uJesu uzakusindiswa, wena nedlu yakho." Umgcini zibishwa kanye nomndeni wakhe babek ithemba labo enkosini uJesu baba nokujabula okukhulu. Wanakekela uPawuli no Silas kwathi ekuseni bakhululwa. Bahamba njengabakhululekile. Ezikhathini ezinzima kumele siqhubeke nokumdumisa uNkulunkulu. Uma sithemba uNkulunkulu silalela izwi lakhe, ngalokho singamsebenzela noma kuphi.
Isithombe 19: Upawula Ne Altari Konkulunkulu Abangaziwa
Izenzo 17:16-34
Idolobha lase Athens laligcwele izithixo. Abantu babekhonza izithixo ezahlukene. Kulesisithombe uPawuli uubuka i altari. Umbahlo okulo wawuthi: "Kunkulunkulu ongaziwa." Amadoda ase Athen ayefuna ukuthi uPawuli ufundisani, ngakhoke wathi kuwo: Madoda ase Athens ngiyabona ukuthi niyakholwa kakhulu. Ngesikhathi ngihamba edolobheni lenu ngithole i altari elibhalwe ukuthi konkulunkulu abangaziwa. Ngifuna ukunitshela ngaloNkulunkulu, Lowo eningamazi. UPawuli wabatshela ngoNkulunkulu weqiniso odale zonke izinto. OyiNkosi yezulu nomhlaba. Akahlai ethempelini elakhiwe ngezandla zabantu. Wabatshela ukuthi bangafunda bangafunda ukumazi loNkulunkulu oyedwa weqiniso eNkosini uJesu Krestu uNkulnkulu amvusile kwabafileyo. Amanye amadoda avela amhleka uPawuli, amanye ayefuna ukwazi kabanzi ngoJesu akholwa kuye. UJesu uyabuya ukuzosahlulela sonke. Ungumsindisi. AKekho omuny unkulunkulu noma inkolo engasindisa abantu ezonweni zabo. NjengoPawuli asethembele eNkosini uJesu Krestu. Asingasabi ukutshela abanye abantu Ngaye, ukuze nabo bamsebenzele.
Isithombe 20: Upawuli Uyiswa Enkantolo
Izenzo 18:1-17
Njengoba ubona esithombeni uPawuli usenkingeni futhi. Usedolobheni lase Korinte. Kwakunabantu abaningi ababi kulelidolobha. AMajuda eKorinte ayephikisane noPawuli ngoba wayebatshela ukuthi uJesu unguMsindisi. Ngobunye ubusuku inkosi uJesu yakhuluma kuPawuli yathi: "Ungeesabi, khuluma, ungathuli. Ngokuba akekho noyedwa ozokuhlasela akulimaze ngoba nginabantu abaningi kulelidobha."
Ngakhoke uPawuli wahlala eKorinte efundisa abantu, abaningi bakholwa umyalezo wakhe. Kodwa amaJuda ayemphikisa aba nomona. Ngelinye ilang bamhlasela bamyisa enkantolo. Bathi ufundisa okuphambene nentando kaNkulunkulu kodwa umahluleli akazange abalalele wabakhipha bonke enkantolo. Ngaphandle kwenkantolo abaJuda bashaya omunye owayengumholi wamaJuda okholelwa kuJesu. UPawuli wahamba engazange alimale. Akumele sime ukukhuluma ngoJesu, noma ngabe abantu ababi besiphikisa. UNkulunkulu nezineku zakhe ngasosonke isikathi.
Isithombe 21: Upawuli Ukhululwa Amasosha Ezitheni Zakhe
Izenzo 21:1,22, 22:24
UPawuli wabuyela emuvakashela amabandla asanda kusungulwa. Wagqugquzela amakholwa ukuqhubeka nokulandela uJesu. Abanye abazalwane bamncenga ukuba angabuyeli eJerusalem. Babazi ukuthi izitha zakhe zilapho futhi zifuna ukumbulala. Kodwa uPawuli wathi: "Ngikulungele hayi ukungena etilongweni kuphela kodwa nokulifela igama lenkosi uJesu eJerusalema." Wathi efika eJerusalema, amaJuda enza abantu ukuba bamvukele. Bazama ukumbulala emgwaqweni. Amashosha ase Roma amthatha esixukwini esasidiniwe. UPawuli wama ngaphandle ezitebhisini zezindlu zamashosha wakhuluma nabantu. Baqa ukumeza: "Mbulaleni! Akafanele ukuphila." UPawuli wayengasabi ukufa. Wayazi ukuthi kunovuzo omkhulu ezulwini olindele abahlushwayo ngenxa kaJesu.
Isithombe 22: Upawuli Ushumayeza Amakosi
Izenzo 23:11, 25 - 26
Amanye amaJuda ayesafuna ukumbulala. Kodwa iNkosi uJesu yazibonakalisa kuye yathi: "Yima isibindi! Njengoba wakhuluma Ngami eJerusalema kumele ukhuluma futhi Ngami eRoma." Abaholi bamaJuda bamangalelakumbusi wase Roma. Yena wamthatha wamyisa kuAgrippa inkosi yamaJuda. Uyababona bonke abantu esithombeni. UPawuli wayengasabi muntu. Watshela umphathi, inkosi nendlovukazi ngoJesu. Wabatshela ukuthi uJesu wazibonakalisa kanjani kuyena endleleni eya eDamseku, nokuthi uJesu wamthuma ukuba atshela abantu kuzozonke izindawo ngevangeli. Inkosi uAgrippa yacishe yakholwa kuJesu. Yayazi ukuthi uPawuli akenzanga lutho olubi. UPawuli icala walidlulisela kumbusi waseRoma. IRoma kwakuyidlobha elikhulu emhlabeni ngalesosikhathi nomphathi omkhulu ehlala khona. UNkulunkulu wayenohlelo olukhethekile luka Pawuli. Kunohlelo olukhethekile lwethu sonke. Uhlelo lukaNkulunkulu ngezimpilo zethu silithola eZwini lakhe. Kumele simlalele.
Isithombe 23: Upawuli Nonkulnkulu Engozini
Izenzo 27:13-44
Amabutho athatha uPawuli nezinye iziboshwa zabayisa eRoma. Babezowela ngomkhumbi omncane olwandle. Izinsuku ezingu 14 umkhumbi wavinjwa isiphepho esinamandla. Abantu ababesemkhunjini bacabanga ukuthi bazofa. Ingelosi kaNkulunkulu yakhuluma kuPawuli yathi: "Ungesabi Pawuli kumele ume phambi kombusi. UNkulunkulu uzokuhlenga nabo bonke abantu abalapha." Ngokushesha umkhumbi wafika eduze kwendawo euyomile waphlazeka endaweni engashoni. Abanye bagxumela olwandle. Abanye babhukuda, abanye babambelela ezingcezwini zomkhumbi. Bonke baphepha. Kulokhu sifunda ukuthi UNkulunkulu unomsebenzi okumele siwenze futhi unamandla okusihlenga kuzo zonke izingozi.
Isithombe 24: Upawuli Eyisiboshwa Eroma
Izenzo 28:16-31
Lapha ubona uPawuli eRoma. Waboshwa iminyaka emibili. Wavunyelwa ukuhlal endlini ayeyiqashile neshosha elalimqaphile. Wamukela bonke ababefika bezombona. Wabafundisa ngomusa kaNkulunkulu nangeNkosi uJesu. Wabhala izincwadi kumabandla wonke awavakashela ngaphambi kokuba aboshwe. Lezizicwadi ziseBhayibhelini ukuze bonke abantu bafunde ngezindlela zikaNkulunkulu. UPawuli wahlushwa ngenxa kaJesu. Wayehlala eshaywa futhi ekhandwa ngamatshe, elambile engenakhaya. Ekugcineni amaRoma ambulala. Kodwa uPawuli (encwadini yakhe kumaRoma) wabhalela bonke abazalwane: "Ngiyakholelwa ukuthi ngisho ukufa, impilo noma ngabe yini edaliweyo angeke isahlukanise nothando lukaNkulunkulu, olukuJesu Krestu iNkosi yethu." UNkulunkulu bonke abakholwayo futhi beyisebenzela inkosi noMsindisi uJesu. Asimsebenzele futhi siwufakaze umyalezo wakhe ukuze umhlaba wonke wazi ukuthi uJesu uyakunika impilo engunaphakade noNkulunkulu.